CORRECT LYRICS

Lyrics : Ngibonga uMama

Ngibong' umama, ngempilo enginayo
Wangikhulisa uwedwa ngingenababa
Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho
Ngibong' umama, ngempilo enginayo
Wangikhulisa uwedwa ngingenababa
Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho

Wonk' amasonto ubungithatha uthi asambe siye enkonzweni (siye enkonzweni)
Isikhalo sakho nanamhlanje sisahleli la engqondweni (la engqondweni)
Wath' umthandazo wenza ukuthi uSathane angasondeli
Ngilondoloze mama, ngilondoloze mama, ngilondoloze mama

Mangikhul' ubung'khanyisela ngekhandlel' elimhlophe
Ubumxelel' ukubana uThixo ezintlungwini az' angjonge
Impel' inkosi bekuningi okuthwel' emahlombe
Ngilondoloze mama, ngilondoloze mama, ngilondoloze mama

Nami yithuba lam lezinto, yithuba lam lezinto, yithuba lam lezinto
Ngizokwenzela yonk' into
Nami yithuba lam lezinto, yithuba lam lezinto, yithuba lam lezinto


Ngibong' umama, ngempilo enginayo
Wangikhulisa uwedwa ngingenababa
Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho
Ngibong' umama, ngempilo enginayo
Wangikhulisa uwedwa ngingenababa
Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho

Ukusebenza kanzima ngakufundiswa nguwe nje
Noma ngilele ngigula, wen' uzongi-nursa nje
Uyajabu' umoya mangibona umoyizela nje
Unkulunkulu akugcine njalo, uzobona abazukulu bakho

Phela mina nawe ukhumbule siphum' entluphekweni
Wangitshela into eyodwa ubohlala emthandazweni
Buka manje indodana yakho idumile emazweni
Ngizokulethela umolokazana ozovus' umuzi kababa

Shwele ndlovukazi ngithi shwele (shwele, shwele)
Uyibekile induku ebandla, ngikugqokis' umqhele
Awu ngithi shwele ndlovukazi ngithi shwele (shwele, shwele)
Uyibekile induku ebandla, ngikugqokis' umqhele

Ngibong' umama, ngempilo enginayo
Wangikhulisa uwedwa ngingenababa
Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho
Ngibong' umama, ngempilo enginayo
Wangikhulisa uwedwa ngingenababa
Washabalala amaphupho akho, wazinikela kimi njengomntwana wakho

Ngiyabulela mama wami
Ngiyabulela mama wami
Akugcine usomandla
Ngiyabulela mama wami