CORRECT LYRICS

Lyrics : Umcebo

Webaba mabecela kuwe
Bacela amandla bacel'umcebo
Mina ngcel' uthando nenhlakanipho, mhhh

Ngith' umcebo wemali endodeni
Engenalo uthando udala umona, nenzondo
Kugcina kuphuma imphefumulo
Ay'ngozi amandla asezandleni zendodeni engenayo inhlakanipho
Sebenzisa ngendlel'ewrong
Kugcina kuphuma imphefumulo

Ngicela isibusiso engiyophila naso ingunaphakade
Ngoba lokhu kwasemhlabeni ngeke ngihambe nakho kuyasala
Ayipheleli ekufeni impilo ayipheleli еmgodini, weh
Ungakhohlwa ukuthi usazoba idlozi emdenini wakho
Baba ngicеla inhliziyo eyamukelayo
Ngizokwazi ukbhekana nezimo ez'ngehlelayo

Webaba mabecela kuwe
Bacela amandla bacel'umcebo
Mina ngcel' uthando nenhlakanipho, mhhh

Webaba mabecela kuwe
Bacela amandla bacel'umcebo
Mina ngcel' uthando nenhlakanipho, mhhh

Ngith' umcebo wemali endodeni
Engenalo uthando udala umona, nenzondo
Kugcina kuphuma imphefumulo
Ay'ngozi amandla asezandleni zendodeni engenayo inhlakanipho
Sebenzisa ngendlel'ewrong
Kugcina kuphuma imphefumulo