CORRECT LYRICS

Lyrics : Maduze

Noma ngabe ukude kunami
Kodwa uyohlale ukhona enhlizweni yami
Maye ng'yazizonda lezontaba mama ezing'sithela ulovie wami

Bhekezela sthandwa sami, kusele iz'nsuku
Ng'zokubona maduze
Bhekezela sthandwa sami, kusele iz'nsuku
Ng'zokubona maduze
Maduze, duze, khaw'duze ndiphuze
Maduze, duze, khaw'duze ndiphuze

Ng'cel'uyiphathe khahle, lapho ukhona, darlie
Nami ng'phatha khahle
Ayukuthi angikwethembi
Yazi ilingo, darlie hlale yikhona endleleni
Inkumbulo, inkumbulo
Ng'yazi, darliе uyafa inkumbulo
Ng'cela uqaphele inkanuko, inkanuko
Ayumzwangеndwa uba nenkanuko

Mayefika amajongo
Uwatshele ukuthi wena uqome le kwaZulu
Mayefika ezo shela amajongo
Uwatshele ukuthi wena uqome le kwaZulu

O ntaba dilika
Ng'bone isthandwa sami
Ay'umama ubiza

Noma ngabe ukude kunami
Kodwa uyohlale ukhona enhlizweni yami
Maye ng'yazizonda lezontaba, mama ezing'sithela ulovie wami

Bhekezela sthandwa sami, kusele iz'nsuku
Ng'zokubona maduze
Bhekezela sthandwa sami, kusele iz'nsuku
Ng'zokubona maduze
Maduze, duze, khaw'duze ngiphuze
Maduze, duze, khaw'duze ngiphuze