CORRECTAR LA LETRA

Letra : Umuzi eSandton

U-lovey ubaba wasendlini
Angibon' ubaba wasendlini
Ungichaza mayesethi "mamaz"
Ngiphendule ngithi "babaz"
Ngizok'thengela umuzi omkhulu eSandton
Kujabhe iy'thingithingi

Maningibonela yen' owami
Maningibonela yen' oh
Maningibonela yen' oh
Maningibonela yen' u-love
Nimtshele ukuthi "oh yes mmh mmh"
Oh yes mmh mmh

Shuni weNkabi, ay
Simomondiya ngicela uk'qala ngokuxolisa
Kwak'ngeyona inhloso ilabangani bengikhohlisa
Ngihamba ngiyofun' itoho ngithi ngizobuya ngik'bonise
Ngashiya isilond' esingapholi enhlizweni yakho, ngizosipholisa
Kodwa mntanomuntu ngiyaskhumbul' isthembiso
Akuyon' impicabadala komakhelwane suyinhlekisa
Ngizwile nabantwana baphasa ngamalengiso
Mina ngikwaNdongaziyaduma ngilokhu ngidlala aboTsepiso
Abanal' uthando, bahlala bengidl' imali
Bangithanda manginemali, sibuhlabe kusemnyango
Awu kodwa mntanomuntu eyenkumbul' ungayiphathi
Ngiyaz' uthando lunamaphutha, ngicel' ungixolele ungangilahli
Konk' engakusho kuwe, sthandwa ngiyak'khumbula
Ngiyaz' akukho lula, ngangithe kuwe ngizobuya
Lefoni onginike yona, otsotsi bangikhuthuza
Yayi ney'thombe zakho mangiyibuka zingiduduza
Shun weNkabi
U-lovey ubaba wasendlini
Angibon' ubaba wasendlini
Ungichaza mayesethi "mamaz"
Ngiphendule ngithi "babaz"
Ngizok'thengela umuzi omkhulu eSandton
Kujabhe iy'thingithingi

Maningibonela yen' owami
Maningibonela yen' oh
Maningibonela yen' oh
Maningibonela yen' u-love
Nimtshele ukuthi "oh yes mmh mmh"

Shun weNkabi, ay, bheka
Sponono sami, ngizok'thengel' umuzi eSandton
Ngiyaz' usukhathele uk'shiswa ilanga emkhukhwini
Sufil' amakhaza ngoba indod' ingekho endlini
Ingub' enamehlo ilele ulwembu my lovey
Ngisho nasebusuku ay'sangen' inkonzo
Inkonzo ekamelweni, umfundis' usesaba isonto
Xola sthandwa sami, namakholwa akuzwel' isono
Usazogibel' uN3, ay' ilocal, kubuy' inkolo
Sponono sami, mina ngiyalivuma icala lami
Usungibekezelele, ngiyavuma sthandwa sami
Wawuphek' ungiphakela, ungaphisani ngey'shebo zami
Ubaba wakamakhelwane mayevakasha ungaphaki
Wawuthi mawungibiza, uthi kimi "Babah"
Ngithi mangisabela, ngithi kuwe "mamah"
Ngangiy' Nhlalisuthi ngoba mama wawuphaka
Kodwa langikhon' isingibulele indlala
U-lovey ubaba wasendlini
Angibon' ubaba wasendlini
Ungichaza mayesethi "mamaz"
Ngiphendule ngithi "babaz"
Ngizok'thengela umuzi omkhulu eSandton
Kujabhe iy'thingithingi

Maningibonela yen' owami
Maningibonela yen' oh
Maningibonela yen' oh
Maningibonela yen' u-love
Nimtshele ukuthi "oh yes mmh mmh"
Oh yes mmh mmh